Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 “ ‘Ngiyakubanqwabelela izinhlupheko, ngiqedele imicibisholo yami phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 “ ‘Ngiyonqwabelisa izinhlekelele phezu kwabo ngibacibe ngemicibisholo yami:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngizabuthela ububi phezu kwabo; ngiyakuchithela imicibisholo yami phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:23
19 Referans Kwoze  

Lapho ngithumela kini imicibisholo emibi yendlala eyakuba ngukuchitheka kwabo, engiyakuyithuma ukunichitha, ngiyakukhulisa indlala phezu kwenu, ngaphule uzime lwenu lwesinkwa,


“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kakhulu kangakanani, lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na?


Wahlaba izinso zami ngemicibisholo yesambo sakhe.


“Kuyakuthi uma ungalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqaphele ukwenza yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso zikwehlele, zikufice.


nami ngiyakuhamba ngiphambene nani, nginishaye, yebo, mina, kasikhombisa ngezono zenu.


Wandisa isizwe, Jehova, wandisa isizwe, wadunyiswa, wavula yonke imikhawulo yezwe.


UJehova uyakumahlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli njengeziqalekiso zonke zesivumelwano ezilotshwe kule ncwadi yomthetho.


“ ‘Kepha uma ningangilaleli nangalezo zinto, ngiyakubuye nginishaye kasikhombisa ngezono zenu.


“Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi, inkemba yami idle inyama, ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa, kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.


Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, nonyazi, wabadidizelisa.


Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa.


Imicibisholo yakho ibukhali, izizwe ziyawa phansi kwakho; isenhliziyweni yezitha zenkosi.


ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo; intukuthelo yami iyakuvuthela le ndawo, ayiyikucinywa.’


Unemihelo ngobubi; ukhulelwe ngukona, uzala amanga.


nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu, niqale endlini yami engcwele.” Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite