Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula, inkulumo yami ichiche njengamazolo, njengomkhizo ohlazeni, nanjengezihlambi etshanini,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Isifundiso sami masehle njengemvula, inkulumo yami iconse njengamazolo, njengomkhizo otshanini, nanjengezihlambi ohlazeni,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ukufundisa kwami kuyakuconsa njengemvula, inkulumo yami iconse njengamazolo, njengemvula etshanini nanjengezihlambi etshanini.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:2
14 Referans Kwoze  

Iyakwehla njengemvula edlelweni, njengesihlambi esimatisa umhlaba.


Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaningi njengamazolo avela kuJehova, ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu, zingahlaleli abantwana babantu.


“Ngiyakwenzani kuwe Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe Juda, na? Uthando lwenu lunjengefu lokusa nanjengamazolo amuka ekuseni.


unjengokukhanya kwasekuseni ekuphumeni kwelanga, isasa elingenamafu, lapho kuvela ekukhanyeni uhlaza emhlabathini emva kwemvula.’


Ngokuba umhlabathi, ophuze imvula efika kaningi phezu kwawo, umilisa imifino ebasizayo abawulinyelwayo, uyabusiswa nguNkulunkulu;


Celani kuJehova imvula ngesikhathi semvula yamuva, uJehova owenza imibani, abesebanika izihlambi zemvula, yilowo nalowo aphiwe utshani ezweni lakhe.


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli; uyakukhahlela njengomnduze, enabise izimpande zakhe njengeLebanoni.


Umatisa imisele yawo, ulalisa amasoyi awo; uwuthambisa ngezihlambi, ubusise okumila kuwo.


Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle; ningawushiyi umthetho wami.


Manje yizwa izwi likaJehova lokuthi: Wena uthi: “ ‘Ungaprofethi ngo-Israyeli, ungaconsisi izwi lakho phezu kwendlu ka-Isaka.’


Bayakuchitha izwe lase-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo, asophule kumAsiriya, lapho engena ezweni lakithi, nalapho enyathela emikhawulweni yethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite