Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “UJehova wakubona, wanengwa yibo, ngenxa yokuncokoloza kwamadodana akhe namadodakazi akhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 “USimakade wakubona lokho, wanengwa ngukuchukuluzwa ngamadodana namadodakazi akhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 UJehova ekubona lokho waba nengwa yibo ngenxa yokugconwa kwamadodana akhe namadodakazi akhe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:19
18 Referans Kwoze  

Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe; ifa lakhe laba yisinengiso kuye.


Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi: “Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.


Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi; omubi akanakuhlala kuwe.


Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo.


Ngakho-ke njengalokhu usivivi, ungashisi ungabandi, ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami.


Ngabanquma abelusi bobathathu ngenyanga inye, ngokuba umphefumulo wami wadinwa yibo, nganengwa ngumphefumulo wabo.


Yachitha idokodo layo njengelensimu, yaqeda indawo yayo yokuhlangana. UJehova wenza ukuba kukhohlakale imikhosi emisiweyo namasabatha eSiyoni, wadelela ngokufutheka kolaka lwakhe inkosi nompristi.


“Othandiweyo wami unani endlini yami lapho enza amacebo nabaningi na? Inyama engcwele ingavela kuwe, lokhu ujabula ngokwenza okubi, na?”


UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela, wamlahla impela u-Israyeli.


Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe, nohulazayo uyamvalelisa, amdelele uJehova.


Ngiyakubeka itabernakele* lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyikunengwa yinina.


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume ama-altare enu empepho, ngilahle izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu; umphefumulo wami uyakunengwa yinina.


Kepha usumlahlile, wamala, wamthukuthelela ogcotshiweyo wakho.


Induna yabalindi yamthatha uJeremiya, yathi kuye: “UJehova uNkulunkulu wakho wakhuluma lokhu okubi kule ndawo;


INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi: “Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe, ngizonda izindlu zakhe zamakhosi; ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite