Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Bahlabela amademoni angesibo onkulunkulu, onkulunkulu ababengabazi, onkulunkulu abasha, abasand'ukuqhamuka, ababengesatshwa ngoyihlo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 “Bahlabela amadimoni angeyena uNkulunkulu, nonkulunkulu abangazange babazi, onkulunkulu abasha, abasanda kuhlangabezana nabo, nababengaziwa ngokhokho babo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Bahlabela amadimoni, hatshi uNkulunkulu; konkulunkulu ababengabazi, konkulunkulu abasha abavukile, ababengabesabanga oyihlo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:17
16 Referans Kwoze  

Bakhetha onkulunkulu abasha; lapho kwafika impi emasangweni; kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?


“UJehova uyakukuhlakazela phakathi kwabantu bonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba, ukhonze lapho abanye onkulunkulu ongabaziyo, wena nawoyihlo, imithi namatshe.


Abasayikuhlabela amademoni imihlatshelo yabo abaye kuwo ukuphinga. Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ezizukulwaneni zabo.’


Kepha uMoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni,


Ningesabi, ningabi naluvalo; angithi ngikuzwisile kusukela endulo, ngakumemezela, na? Nina ningofakazi bami. Kukhona uNkulunkulu ngaphandle kwami na? Cha, alikho iDwala; angilazi.”


Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisile ngamaze abo; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.


Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide, nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba,


Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.


Ziyize, umsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.


baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo. Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: ‘Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.’ ”


ngenxa yobubi babo ababenzileyo ukuba bangicunule, behamba beshisa impepho, bekhonza abanye onkulunkulu abangabazanga bona, nani, nawoyihlo.


“Naletha kimi imihlatshelo neminikelo yempuphu ehlane iminyaka engamashumi amane, nina ndlu ka-Israyeli, na?


awuyikumvumela, ungamlaleli; iso lakho aliyikumhawukela, ungamyeki, ungamfihli,


Ngokuba bangishiyile, benze le ndawo ukuba ibe ngeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, abangabazanga, bona nawoyise namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite