Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 namangqanga ezinkomo, nobisi lwezimvu, namafutha amawundlu, nezinqama zohlobo lwaseBashani, nezimbuzi, namanoni omongo kakolweni; egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Wadla izaqheqhe zemihlambi, ubisi lwezimvu, amafutha amawundlu, izinqama zohlobo lwaseBhashani, izimbuzi, namanoni kakolo wekhethelo; waphuza iwayini livela egazini lamagilebhisi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ibhotela lezinkomo, nobisi lwezimvu, kanye namafutha amawundlu, nezinqama zohlanga lwaseBashani, nezimbuzi, kanye namanoni ezinso zikakolweni; waphuza igazi lamagilebhisi elicwengekileyo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:14
22 Referans Kwoze  

Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini, ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle; uhlanza izingubo zakhe ewayinini, nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.


Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho; uyakusuthisa ngokolweni omuhle.


Ubeyakubapha ukolweni omuhle; yebo, bengiyakubasuthisa ngezinyosi zasesiweni.”


Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakho ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.


Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBashani enisentabeni yaseSamariya, enicindezela abaphansi, enichoboza abampofu, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Niyakudla inyama yamaqhawe, niphuze igazi lezikhulu zomhlaba, elezinqama, nelamawundlu, nelezimbuzi, nelezinkunzi, ezikhulupheleyo zaseBashani zonke.


bese kuthi ngobuningi bobisi ezilwehlisayo idle amangqanga, ngokuba amangqanga nezinyosi bayakukudla bonke abasele ezweni.


Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle.


Izinkunzi eziningi zingibunganyele, ezinamandla zaseBashani zingizungezile.


Akayikubuka imifula, iminonjana nemifudlana yezinyosi namangqanga.


nezinyosi, namangqanga, nezimvu, noshizi* wezinkomo kuDavide nabantu ababe naye ukuba badle, ngokuba bathi: “Abantu balambile, bakhathele, bomile ehlane.”


Wacela amanzi, wamupha ubisi, wamlethela amangqanga ngesitsha samakhosi.


Wathatha amangqanga, nobisi, nethole abelilungisile, wakubeka phambi kwawo; wema ngakuwo phansi komuthi; adla.


Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni, laze lafika ematomini amahhashi, liqeda amastadiyu* ayinkulungwane namakhulu ayisithupha.


“Konke okuhle kwamanoni nakho konke okuhle kwewayini nokwamabele, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuJehova ngikunikile khona.


lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga, nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.


Lokhu ungamkhonzanga uJehova uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo ngenxa yobuningi bezinto,


Bathatha imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo, badla izindlu ezigcwele okuhle konke: imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi eminingi yokudliwa; badla-ke, basutha, bakhuluphala, benama ngobuhle bakho obukhulu.


“Kepha babengalaleli, bakuhlubuka, balahla nyovane umthetho wakho, bababulala abaprofethi bakho abafakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izithuko ezinkulu.


Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngagobela kubo, ngabanika ukudla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite