Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UJehova yedwa wamhola, akwabakho unkulunkulu wabezizwe naye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 NguSimakade kuphela owamqondisa, akukho nkulunkulu wabezizwe onaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kanjalo uJehova yedwa wamqondisa, kwakungekho nkulunkulu wezizweni kanye naye.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:12
19 Referans Kwoze  

Noze niguge, nginguye, yebo, noze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.


owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Wabahola ngefu emini, nobusuku bonke ngokukhanya komlilo.


nasehlane lapho ubone khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuthwala njengendoda ithwala indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’


Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo ngenxa yezitha zami.


Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


“ ‘Bonani manje ukuthi mina, yebo, mina nginguye, akakho unkulunkulu ngaphandle kwami; mina ngiyabulala, besengiphilisa, ngilimazile, kepha ngiyakupholisa; akakho ongophula esandleni sami.


Yizwa, malusi ka-Israyeli, ohola uJosefa njengomhlambi, ohlezi phezu kwamakherubi;* mawubonakale ngokukhazimula.


“Wena waboniswa lokho ukuba wazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu, akakho omunye ngaphandle kwakhe.


“Yazi namuhla, ukungenise enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akakho omunye.


Makungabikho kuwe unkulunkulu omunye, ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.


Njengezinkomo ezehlela esigodini uMoya kaJehova wabaphumuza. Wahola kanjalo abantu bakho ukuba uzenzele igama elimangalisayo.


ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu nguye owasikhuphula thina nawobaba ezweni laseGibithe, indlu yobugqila, nowazenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu, wasilondoloza endleleni yonke esahamba ngayo, naphakathi kwabo bonke abantu esadlula phakathi kwabo.


zona ezaphiwa zodwa izwe, kungadabulanga kuzo umfokazi ngokuthi:


Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngagobela kubo, ngabanika ukudla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite