Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo, lubhakuza phezu kwamazinyane alo, wawelula amaphiko akhe, wabathatha, wabathwala ngezimpaphe zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Njengokhozi lunyakazisa isidleke salo, lubhakuza phezu kwamaphuphu alo, welula amaphiko akhe, wabathatha, wabathwala ngamaphikho akhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo, lundizela phezu kwamaphuphu alo, lwelule amaphiko alo, luwathathe, luwathwale ngamaphiko alo;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:11
13 Referans Kwoze  

‘Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi.


Noze niguge, nginguye, yebo, noze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.


Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.


kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Nodrako wema phambi kowesifazane obezakubeletha, ukuze kuthi nxa esebelethile, ashwabadele umntwana wakhe.


Ngokukholwa siqonda ukuthi izwe lonke ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, kuze kuthi okubonwayo akuvelanga kokubonwayo.


Njengezinyoni ezindizayo kanjalo uJehova, uJehova Sebawoti, uyakulivikela iJerusalema; uyakulivikela, alophule, alidlule, alikhulule.”


Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka.


Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.


NgoBenjamini wathi: “Othandiweyo kaJehova uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.”


Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza; washweza ngamaphiko omoya.


Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu, kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa-Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda,’ usho uJehova, ‘ukuba babe ngabantu bami, negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga.’


Nokho mina ngamcathulisa u-Efrayimi; ngabaphatha ngezingalo zami, kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite