Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 31:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 wathi kubo: “Ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili namuhla; angisenamandla okuphuma nokungena; uJehova ushilo kimi ukuthi: ‘Awuyikuliwela leli Jordani.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 wathi kubo: “Namuhla ngineminyaka eyi-120 angisakwazi kuphuma nakungena; uSimakade uthe kimi: ‘Awuyukuliwela leli Jordani.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wathi kubo: “Namuhla ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili; Angisakwazi ukungena nokuphuma; uJehova wathi kimi: “Awuyikuliwela leli Jordani.”

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 31:2
17 Referans Kwoze  

UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe; iso lakhe lalingafiphele, amandla akhe ayengakanciphi.


ongaphuma phambi kwabo, angene phambi kwabo, abakhiphe, abangenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi.”


“Manje, Jehova Nkulunkulu wami, ubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba; ngingumntwana omncane nje, angikwazi nokungena nokuphuma.


UJehova wathi kuMose naku-Aroni: “Njengokuba anikholwanga yimi ukungingcwelisa emehlweni abantwana bakwa-Israyeli, ngalokho aniyikungenisa leli bandla ezweni engibanike lona.”


UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili, u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu, mhla bekhuluma kuFaro.


“Kalokhu bhekani, ngiyazi ukuthi anisayikubona ubuso bami nina nonke engahamba phakathi kwenu, ngishumayela umbuso.


“Kuthe eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba abamele abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli.


Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke.


Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.”


“Futhi uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wathi: ‘Nawe awuyikungena khona;


UMose waya ukukhuluma lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite