Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 30:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJehova uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho ukumthanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho ukuba uphile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 USimakade uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yozalo lwakho, ukuze umthande uSimakade uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho, ukuze uphile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJehova uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho ukuba uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho, ukuze uphile.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 30:6
24 Referans Kwoze  

Ngalokho sokani ijwabu lezinhliziyo zenu, ningabe nisaba ntamo ilukhuni.


ngibanike inhliziyonye nendlelanye ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.


enasokela kuye futhi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu;


Zisokeleni kuJehova, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu nina bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kuvuthe, kungabikho ongakucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.


Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.


Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.


UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’


Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.


kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.


kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi, asuse ukungalungi kuJakobe.


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.


kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.


iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, noMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo abakhe ehlane, ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”


Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?


Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova; bayakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.


Ngalokho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami; uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo; nginguJehova.


“Ngalokho wothanda uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imfanelo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite