Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 30:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 uJehova uNkulunkulu wakho akungenise ezweni oyihlo abalidlayo, ulidle; uyakukwenzela okuhle, akwandise ngaphezu kwawoyihlo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 USimakade uNkulunkulu wakho uyakukubuyisela ezweni okhokho bakho abalidlayo, nawe uyakulidla. Uyokwenzela okuhle, akwandise ngaphezu kokhokho bakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJehova uNkulunkulu wakho uyakukuyisa ezweni oyihlo abalidlayo, ulidle; futhi Uyokwenza okuhle kini Anandise ngaphezu kokhokho benu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 30:5
9 Referans Kwoze  

Ngiyakufunyanwa yinina,” usho uJehova, “ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona,” usho uJehova, “nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.”


UMose wathi kuHobabi indodana kaRehuweli wakwaMidiyani, umukhwe kaMose: “Siya endaweni ashilo ngayo uJehova, wathi: ‘Ngiyakuninika yona.’ Woza wena, uhambe nathi, siyakukwenzela okuhle, ngokuba uJehova ukhulumile okuhle ngo-Israyeli.”


akuthande, akubusise, akwandise, abusise nenzalo yesisu sakho, nesithelo somhlabathi wakho, namabele akho, newayini lakho, namafutha akho, nenzalo yezinkomo zakho, nokwanda kwezimvu zakho ezweni alifungela oyihlo ukuninika lona.


Akuyikunamathela lutho lokuqalekisiweyo esandleni sakho ukuba uJehova aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, akuphathe ngomusa, abe nesihe kuwe, akwandise, njengalokho afunga koyihlo,


Umuhle wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho.


Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o-Israyeli noJuda,’ usho uJehova, ‘ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.’ ”


Umuzi uyakuba yigama lokujabula kimi, nelodumo, nelendumiso ngaphambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyakuzwa konke okuhle engibenzela khona, zesabe, zithuthumele ngakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’


Ngiyakwandisa phezu kwenu abantu nezilwane; kuyakwanda, kuzale; ngiyakwenza ukuba nihlalwe njengakuqala, kube kuhle kini kunakuqala, nazi ukuthi nginguJehova.


“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nangalokhu ngiyakucelwa yindlu yakwa-Israyeli ukuba ngiyenzele: ngiyakuyandisela abantu njengezimvu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite