Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 30:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Kuyakuthi lapho zonke lezi zinto sezikwehlele, isibusiso nesiqalekiso, engizibekile phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuxoshele khona,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Kuyothi lapho zonke lezi zinto, izibusiso neziqalekiso engizibeke phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayokudingisela khona,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kuyakuthi lapho zonke lezi zinto sezikwehlela phezu kwenu, isibusiso nesiqalekiso engikubeke phambi kwenu, nizikhumbule phakathi kwezizwe zonke uJehova uNkulunkulu wenu enixoshele kuzo,

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 30:1
25 Referans Kwoze  

“Bheka, ngibeke namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi,


“Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho,


uJehova wabasiphula ezweni lakubo ngolaka nangokufutheka nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.’


“Kuthe sekusile kuyo, yathi: ‘Bangaki abaqashwa bakababa abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha.


Ngokuba ebona, abuye ezeqweni zakhe zonke azenzileyo, uyakuphila nokuphila, angafi.


“Khumbulani lokhu, nime niqinile, nibuye nicabange ezinhliziyweni zenu nina benzi bokubi.


“UJehova uyakukuhlakazela phakathi kwabantu bonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba, ukhonze lapho abanye onkulunkulu ongabaziyo, wena nawoyihlo, imithi namatshe.


Ukufa kuyakukhethwa kunokuphila yinsali yonke esele kulowo mndeni omubi, esele ezindaweni zonke, lapho ngiyixoshele khona, usho uJehova Sebawoti.’


Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba, ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni, ongifumanayo angibulale.”


“Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.


Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.


Ngiyakufunyanwa yinina,” usho uJehova, “ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona,” usho uJehova, “nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.”


UJehova uyakukushaya ngobuhlanya, nangobumpumputhe, nangokugcwaneka,


ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela leli zwe ukuba alehlisele zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi;


mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika oyise.


Ngokuba ekubuyeleni kwenu kuJehova abafowenu nabantwana benu bayakuthola umusa phambi kwababathumbayo, babuyele kuleli zwe, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa nesihe, akayikunifulathela, uma nibuyela kuye.”


kepha uma nibuyela kimi, nigcine imiyalo yami, niyenze, noma abaxoshiweyo benu bebe semajukujukwini ezulu, ngiyakubabutha lapho nokho, ngibayise endaweni engiyikhethe ukubeka igama lami kuyo.’


Abaphephayo benu bayakungikhumbula phakathi kwezizwe abayakuthunjelwa kuzo, lapho ngaphula izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo alandela izithombe zabo ukuba baphinge nazo, banengwe emehlweni abo ngokubi abakwenzileyo ezinengisweni zabo zonke.


Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu, bayakungikhumbula ezindaweni ezikude, baphile kanye nabantwana babo, babuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite