Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 3:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Aniyikubesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguyena onilwelayo.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Ningabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu nguye ozakunilwela.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Akumelwe nibesabe; ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakunilwela.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 3:22
16 Referans Kwoze  

ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuba anisindise.’


UJehova uzakunilwela, nothula nina.


UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu,


Ingebhe ngoNkulunkulu yaba phezu kwayo yonke imibuso yamazwe, lapho isizwile ukuthi uJehova wayelwile nezitha zakwa-Israyeli.


Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunisindisa kukaJehova, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uJehova unani.’ ”


Onke lawo makhosi nezwe lawo uJoshuwa wakuthatha ngasikhathi sinye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli walwela u-Israyeli.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.


Futhi bhekani, uNkulunkulu unathi, uyinhloko yethu, kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani; bantwana bakwa-Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo, ngokuba aniyikuphumelela.”


UJehova wathi kuMose: “Ningamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho kanye nabantu bakhe bonke nezwe lakhe; uyakwenza kuye njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori owahlala eHeshiboni.”


“Ngamyala uJoshuwa ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Amehlo akho abonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kulawo makhosi amabili: kanjalo uJehova uyakwenza kuyo yonke imibuso eniyidabulayo.


“Ngaleso sikhathi ngacela kuJehova, ngathi:


“Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho, bese wubona amahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe.


Umuntu oyedwa uxoshile inkulungwane, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo, njengalokho ebekhuluma kini.


Noma kuyiphi indawo lapho nizwa khona ukubethwa kwecilongo, buthanani khona, nize kithi; uNkulunkulu wethu uyakusilwela.”


Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni, baze bathi abaseGibithe: “Masibaleke ebusweni buka-Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite