Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 3:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJayire indodana kaManase wathatha sonke isifunda sase-Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, wasibiza – lona iBashani – ngegama lakhe ngokuthi iHawoti Jayire kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 UJayire, indodana kaManase, wathatha sonke isifunda i-Arigobhi kuze kube semngceleni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, iBhashani, walibiza ngegama lakhe wathi yiHawothi Jayire, kuze kube yinamuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UJayire indodana kaManase walithatha lonke izwe lase-Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGesuri neMahagati; wawabiza ngegama lakhe ngokuthi iBashani Havoti-Jayire kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 3:14
14 Referans Kwoze  

UJayire indodana kaManase wahamba wathatha imizana yalo, wayibiza ngokuthi iHawoti Jayire.


Kepha u-Abisalomu wabaleka, waya kuTalimayi indodana ka-Amihudi, inkosi yaseGeshuri. UDavide walilela indodana yakhe zonke izinsuku.


Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide, abakwa-Amoni bathuma baqasha ama-Aramu aseBeti Rehobe nama-Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili, nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwane, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.


eyesibili yaba nguKileyabi ku-Abigayili umkaNabali waseKarmeli; eyesithathu yayingu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimyi inkosi yaseGeshuri;


Kepha abantwana bakwa-Israyeli abawaxoshanga amaGeshuri namaMahakhati, kodwa oGeshuri noMahakha bahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.


Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi; akubangakho muzi esingawuthathanga kubo: imizi engamashumi ayisithupha, sonke isifunda sase-Arigobi, umbuso ka-Ogi eBashani.


insali yakwaGileyadi, nalo lonke iBashani, umbuso ka-Ogi, nganika lokho inxenye yesizwe sakwaManase, sonke isifunda sase-Arigobi neBashani lonke elibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.


ebusa entabeni yaseHermoni, naseSaleka, nakulo lonke iBashani kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhati, nenxenye yakwaGileyadi, umkhawulo kaSihoni inkosi yaseHeshiboni.


Wayesesuka uJowabe wahamba, waya eGeshuri, wamletha u-Abisalomu eJerusalema.


Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawabiza ngamagama abo.


zaya kuGedaliya eMispa: u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani noJonathani amadodana kaKhareya, noSeraya indodana kaThanihumeti, namadodana ka-Efayi waseNethofa, noJahazaniya indodana yomMahakha, bona nabantu babo.


u-Ira umJayiri wayengumpristi kaDavide.


no-Elifeleti indodana ka-Ahashibayi indodana yomMahakha, no-Eliyamu indodana ka-Ahithofeli waseGilo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite