Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 29:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu aziguganga kini, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Nganihola iminyaka engama-40 ehlane; izingubo zenu aziguganga emizimbeni yenu, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu azigugelanga phezu kwenu, nesicathulo sakho asiguganga ezinyaweni zakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 29:5
13 Referans Kwoze  

Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga le minyaka engamashumi amane.


Wabondla iminyaka engamashumi amane ehlane, kabaswelanga lutho; izingubo zabo aziguganga, nezinyawo azivuvukalanga.


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha.


nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso.


Kwathi ngomnyaka wamashumi amane ngenyanga yeshumi nanye ngolokuqala lwenyanga uMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo,


lezi zimvaba zewayini esazigcwalisa zazizintsha; bhekani, seziklebhukile; lezi zingubo zethu nezicathulo zethu sezigugile ngenxa yendlela ende kakhulu.”


nezicathulo ezigugileyo eziciciyelweyo zisezinyaweni zabo, bembethe nezingubo ezigugileyo; isinkwa sonke somphako wabo sasomile, sikhuntile.


UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili, u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu, mhla bekhuluma kuFaro.


Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engamashumi amane, bathwale ukuphinga kwenu, izidumbu zenu zize ziqedwe ehlane.


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.


Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana* obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.


wanisa phezu kwabo imana* kube ngukudla, wabapha amabele ezulu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite