Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 29:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 “Bese kuthiwa: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wawoyise asenzayo nabo ekubakhipheni kwakhe ezweni laseGibithe,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 “Kuyothiwa ngalokho: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo asenza nabo mhla ebakhipha eGibhithe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Khona-ke abantu bayakuthi: “Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wawoyise asenza nabo ekubakhiphani kwakhe ezweni laseGibithe.”

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 29:25
20 Referans Kwoze  

kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami, nami angibanakanga, isho iNkosi.


Bonke ababafumanayo babaqeda; abamelene nabo bathi: ‘Asitholi icala; ngokuba bonile kuJehova, ikhaya lokulunga, ithemba lawoyise, uJehova.’


kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo,” usho uJehova.


Bayakuthi: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wabo, bakhuleka kwabanye onkulunkulu, babakhonza.’ ”


Ngabathukuthelela abantu bami, ngalingcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.


baya bakhonza abanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, onkulunkulu abangabaziyo, angabahlukaniselanga bona,


Bayakuphendula ngokuthi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.’ ”


Abantwana bakwa-Israyeli benza ngasese izinto ezingalungile kuJehova uNkulunkulu, bazakhela izindawo eziphakemeyo emizini yabo yonke ngasemibhoshongweni yabalindi nasemizini ebiyelweyo.


Badelela izimiso zakhe, nesivumelwano sakhe asenzayo nawoyise, nezixwayiso abaxwayisa ngazo, balandela okuyize, benza okuyize, balandela abezizwe ababebazungeza, uJehova abayale ngabo ukuthi abayikwenza njengabo.


ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo; intukuthelo yami iyakuvuthela le ndawo, ayiyikucinywa.’


Wayihlubuka inkosi uNebukadinesari eyayimfungisile uJehova, wenza lukhuni intamo yakhe, wenza lukhuni nenhliziyo yakhe ukuba ingaphendukeli kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


“Kepha nina enimshiya uJehova, nikhohlwe intaba yami engcwele, nihlelele iNhlanhla* itafula, nigcwalisele isiMiselo* iwayini elixutshanisiweyo,


Usuyakusho kubo ukuthi: ‘Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile,’ usho uJehova, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abagcinanga umthetho wami,


Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’


Bakhonza izithombe zabo, zaba lugibe kubo.


“Izizwe eziningi ziyakudlula kulo muzi, zisho, kube yileso naleso kwesinye, ukuthi: ‘UJehova wenzeleni okunje kulo muzi omkhulu na?’


ngenxa yobubi babo ababenzileyo ukuba bangicunule, behamba beshisa impepho, bekhonza abanye onkulunkulu abangabazanga bona, nani, nawoyihlo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite