Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 29:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Nimi namuhla nonke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, nezizwe zenu, namalunga enu, nezinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 “Namuhla nimi nonke phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, izizwana zenu, amalunga enu, izinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Nimi nonke namuhla phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu; izinhloko zezizwe zenu, namalunga enu, nezinceku zenu, nawo onke amadoda akwa-Israyeli,

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 29:10
18 Referans Kwoze  

Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba;


Abantu abaseleyo, abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, namaNethini,* nabo bonke ababezahlukanisile nabantu bezwe ukuba bazihlanganise nomthetho kaNkulunkulu, nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, bonke ababe nolwazi nokuhlakanipha,


“Ngenxa yakho konke lokho senza isivumelwano esiqinisileyo, sasiloba; kwanamatheliswa ngophawu yizikhulu zethu, namaLevi ethu, nabapristi bethu.”


U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla, abesilisa nabesifazane nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa.


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaJehova.


usuku owema ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho eHorebe, lapho uJehova wathi kimi: ‘Ngibuthele abantu, ngibezwise amazwi ami ukuba bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, bafundise nabantwana babo.’


“Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuba niphumelele kukho konke enikwenzayo.


nezingane zenu, nawomkenu, nomfokazi ophakathi kwamakamu* akho, kusukela kumgawuli wemithi kuze kufike kumukhi wamanzi,


Akwabakho zwi kukho konke akuyalayo uMose, angalifundanga uJoshuwa phambi kwebandla lonke lakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababehamba phakathi kwabo.


Izikhulu zase zithi kubo: “Mabayekwe baphile; baba ngabagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo yonke inhlangano njengalokho izikhulu zazibatshelile.”


UJehova waphinda wabonakala eShilo, ngokuba uJehova wazibonakalisa kuSamuweli eShilo ngezwi likaJehova.


Izwi likaSamuweli lafika kuye wonke u-Israyeli. U-Israyeli waphuma ukulwa namaFilisti, wamisa ngase-Ebeni Ezeri; amaFilisti amisa e-Afeki.


Wonke uJuda wayemi phambi kukaJehova, nezingane zabo, nawomkabo, namadodana abo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite