Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:59 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

59 uJehova uyakwenza izifo zakho ukuba zimangalise, kanye nezifo zenzalo yakho, izifo ezinkulu ezihlala isikhathi eside nokugula okubi okuhlala isikhathi eside.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

59 uSimakade uyakwenza ubhubhane lwakho ukuba lumangalise, nobhubhane lozalo lwakho, ubhubhane olukhulu oluhlala isikhathi eside nesifo esinzima esihlala isikhathi eside.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

59 UJehova uyakwenza izinhlupho zakho zibe yisimangaliso, nezinhlupho zenzalo yakho zibe yizinhlupho ezinkulu, nezifo ezithatha isikhathi eside nezinzima, zibe zinde.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:59
16 Referans Kwoze  

Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona.


Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa-Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.*


Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabahluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


Amakhosi omhlaba ayengakholwa kanye nabo bonke abakhileyo ezweni ukuthi abamelene nabo nezitha zabo babeyakungena emasangweni aseJerusalema.


“Akulutho kinina nonke enidlula ngendlela na? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.


Ukungcola kwalo kwakusemaphethelweni alo, alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


Bengiyakuthi: “Ngiyakubaphephula, ngiqede inkumbulo yabo kubantu,”


Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.


zibe phezu kwakho isibonakaliso nesimangaliso, naphezu kwenzalo yakho kuze kube phakade.


Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.


“Uma ungaqapheli ukuwenza onke amazwi alo mthetho alotshiwe kule ncwadi ukuba ulesabe igama lakhe elidumisekayo nelesabekayo elithi UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO,


Uyakubuyisela phezu kwakho zonke izifo zaseGibithe owazesabayo, zinamathele kuwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite