Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:57 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

57 nakumzanyama wakhe ophuma phakathi kwezinyawo zakhe, nakubantwana bakhe ayakubazala, ngokuba uyakubadla ngasese ekusweleni kwakhe ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

57 umzanyana ophuma phakathi kwemilenze yakhe, nabantwana bakhe ayokubazala, ngokuba uyakubadla ngasese ngenxa yokuswela kwakhe lapho evinjezelwe, exinwe yizitha zakhe kuwo wonke amasango akho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

57 Nomncane wakhe ophumela phakathi kwezinyawo zakhe, nabantwana bakhe abayakubazala; ngoba iyobadla ngasese ngokuswela kwakho konke ekuvinjezelweni nasekucindezelweni isitha sakho esiyakukucindezela ngakho emasangweni akho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:57
6 Referans Kwoze  

“Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa mina anginakukukhohlwa wena.


Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.


“Uyakudla inzalo yesakho isisu, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuxinekeni izitha zakho eziyakukuxina ngakho.


Yayisithi inkosi kuye: “Unani na?” Wathi: “Lo wesifazane wathi kimi: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle namuhla, sidle indodana yami kusasa.’


Sase siyipheka indodana yami, sayidla; ngase ngithi kuye ngosuku olulandelayo: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle;’ wayeseyifihlile indodana yakhe.”


Izandla zabesifazane abahawukelayo zapheka izingane zabo; zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite