Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:45 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

45 “Zonke lezi ziqalekiso ziyakukwehlela, zikuxoshe, zikufice, uze ubhujiswe, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe abekuyala ngakho,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

45 “Zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela kuwe, zikulandele, zikukhungathe, uze ubhujiswe, ngokuba awulalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, awuyigcinanga imiyalo yakhe nezimiso zakhe akuyala ngakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

45 Zonke lezi ziqalekiso ziyakufika phezu kwakho, zikusukele, zikufice, uze ubhujiswe; ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukugcina imiyalo yakhe nezimiso zakhe akuyale ngakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:45
18 Referans Kwoze  

“Kuyakuthi uma ungalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqaphele ukwenza yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso zikwehlele, zikufice.


kepha uma nala, nihlubuka, niyakudliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kakhulu kangakanani, lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na?


“Yinkemba ngaphandle, yisifo nendlala ngaphakathi; osensimini uyakufa ngenkemba, osemzini uyakuqedwa yindlala nesifo.


Ububi bulandela izoni, kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.


Uyakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.


UJehova wala yonke inzalo ka-Israyeli, wayihlupha, wayinikela esandleni sabaphangi, waze wayilahla ebusweni bakhe.


“Kuyakubusiswa iqoma lakho, nomkhombe wakho wokuxova isinkwa.


nami ngiyakuhamba ngiphambene nani ngokufutheka, ngikushaye kasikhombisa ngezono zakho.


ngokuba siyakuyichitha le ndawo, lokhu isikhalo sabo sesisikhulu ebusweni bukaJehova; uJehova usithumile ukuba siyichithe.”


“Nxa uyakuzala abantwana nabantwana babantwana, nanxa senihlale isikhathi eside ezweni, none, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise,


ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi niyakuphela nokuphela masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukuba nilidle; aniyikwandisa izinsuku zenu kulo: niyakuqothulwa nokuqothulwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite