Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:43 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 “Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo, wena wehle njalonjalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

43 “Umfokazi ohlala phakathi kwenu uyodlondlobala kunawe, wena uye ngokuya wehla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama kakhulu phezu kwakho; futhi uzokwehla kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:43
18 Referans Kwoze  

UJehova uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; woba phezulu kuphela, ungabi ngaphansi, uma uyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla ukuba uyigcine, uyenze,


Ngakho bamemeza bathi: “Susa, susa, mbethele esiphambanweni!” Wathi kubo uPilatu: “Ngibethele inkosi yenu na?” Abapristi abakhulu baphendula bathi: “Asinankosi, uKesari kuphela.”


Khona uPilatu wathi kubo: “Mthatheni nina, nimahlulele ngomthetho wakini.” Bathi kuye abaJuda: “Asivunyelwe ukubulala umuntu,”


uJehova waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe njengokukhuluma kwakhe ngesandla sazo zonke izinceku zakhe abaprofethi. Wayesethunjwa u-Israyeli ezweni lakubo, wayiswa e-Asiriya kuze kube namuhla.


UJehova wala yonke inzalo ka-Israyeli, wayihlupha, wayinikela esandleni sabaphangi, waze wayilahla ebusweni bakhe.


Kepha uyise nonina babengazi ukuthi lokho kwavela kuJehova, ngokuba wayefuna ithuba lokulwa namaFilisti. Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.


Ngalokho ngithi manje: Angiyikubaxosha phambi kwenu, kepha bayakuba sezinhlangothini zenu, onkulunkulu babo babe lugibe kini.”


Abakwa-Israyeli baphela amandla ngenxa yakwaMidiyani; base bekhala abantwana bakwa-Israyeli kuJehova.


Mawungasibaleli amacala akuqala; umusa wakho mawusheshe usihlangabeze, ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.


UJehova wenzile lokhu abekucebile; uligcwalisile izwi lakhe, ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo; ubhidlizile engenasihawu, wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho, waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.


Abamelene nalo sebe yinhloko, izitha zalo zinokuthula, ngokuba uJehova ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo; izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite