Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 “UJehova uyakuyisa wena nenkosi oyibeke phezu kwakho kuso isizwe ongasazi, wena nawoyihlo, ukhonze lapho abanye onkulunkulu, imithi namatshe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

36 “USimakade uyokuyisa, wena nenkosi oyibeke phezu kwakho, esizweni wena nokhokho bakho eningasazi, niyokhonza lapho abanye onkulunkulu bokhuni nabamatshe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 UJehova uyakukuyisa wena nenkosi yakho oyakuyibeka phezu kwakho esizweni obungasazi wena nawoyihlo; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu, imithi namatshe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:36
31 Referans Kwoze  

ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.’


Abanye abantu ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.


Lapho niyakukhonza onkulunkulu, umsebenzi wezandla zabantu, imithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangahogeli.


Abasele enkembeni wabathumbela eBabele; baba yizinceku zakhe nezamadodana akhe, kwaze kwabusa umbuso wasePheresiya


Kwenyukela kuye uNebukadinesari inkosi yaseBabele, wambopha ngamaketanga ukuba amyise eBabele.


Ngalokho wabehlisela inkosi yamaKaledi eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele, ayihawukelanga nansizwa, nantombi, naxhegu, nogugileyo; wabanikela bonke esandleni sayo.


Ngalokho-ke uJehova wabehlisela izinduna zempi yenkosi yase-Asiriya; zambamba uManase ngamaketanga, zambopha ngawozankosi, zamuyisa eBabele.


“UJehova uyakukuhlakazela phakathi kwabantu bonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba, ukhonze lapho abanye onkulunkulu ongabaziyo, wena nawoyihlo, imithi namatshe.


“ ‘Nina ndlu yakwa-Israyeli, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Hambani nikhonze, kube yilowo isithombe sakhe, kepha impela ngasemuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.


Umoya wamakhala ethu, ogcotshiweyo kaJehova, wabanjwa emigodini yabo, esathi ngaye: “Phansi kwethunzi lakhe siyakuphila phakathi kwezizwe.”


Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.”


nizibonile izinengiso zazo, nezithombe zazo, imithi, namatshe, nesiliva, negolide, okwakuphakathi kwazo


Abantu bezwe bathatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.


Ngiyakwenza ukuba uzikhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba kuphenjiwe umlilo olakeni lwami oyakuvutha kini.”


Kwathi lapho iJerusalema selinqotshiwe ngomnyaka wesishiyagalolunye kaSedekiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nempi yakhe yonke eJerusalema, walivimbezela;


Ngiyakunikhipha phakathi kwawo, ngininikele esandleni sabafokazi, ngahlulele phakathi kwenu.


UJehova uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uJehova eyakuniholela khona.


Kodwa uma nisenza okubi, niyakubhubha nina nenkosi yenu.”


Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo.


Amasango alo ashona emhlabathini; wachitha, wayaphula imigoqo yalo. Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe, lapho kungekho khona umthetho. Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite