Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 “UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 “USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UJehova uyakuninqoba phambi kwezitha zenu, niphume ukulwa nazo ngendlela eyodwa, nizibaleke ngezindlela eziyisikhombisa, ninyakazeke emibusweni yonke yomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:25
20 Referans Kwoze  

“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakubenyusela isixuku, ngibanikele ukuba babe yingebhe nempango.


Inkulungwane iyakubaleka ngokusongela koyedwa; ngokusongela kwaba yisihlanu niyakubaleka, nize nishiywe njengensika esiqongweni sentaba nanjengebhanela* phezu kwegquma.”


Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


“UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye, zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa.


Emunye angaxosha kanjani inkulungwane; ababili bangabhengula kanjani izinkulungwane eziyishumi, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebengabakhapheli, na?


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.


Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo, yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka, usho uJehova, nginikhululele inkemba, nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


Ngiyakubalandela ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,


Kwase kukhuphukela khona abantu abayizinkulungwane ezintathu, kepha babaleka phambi kwamadoda ase-Ayi.


Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo.


AmaFilisti alwa, u-Israyeli wachithwa, babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe; kwaba khona ukuceka okukhulu, ngokuba kwawa ku-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu aba yimigundatshani.


“Lapho abantu bakho u-Israyeli benqotshwa yisitha, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bebuya bephindela kuwe, balivume igama lakho, bakhuleke, banxuse kuwe kule ndlu,


Abantwana bakwa-Israyeli bathumba kubafowabo izinkulungwane ezingamakhulu amabili, abesifazane, namadodana, namadodakazi, besusa kubo nempango eningi, beyiyisa impango eSamariya.


Intukuthelo kaJehova yayisiba phezu kukaJuda neJerusalema, wabanikela baba yisibonelo esibi, nesimangaliso, nento enximfelwayo, njengalokhu nibona ngamehlo enu.


“ ‘Ngiyakuchitha kule ndawo amasu akwaJuda naseJerusalema, ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo, nginike izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.


“Uma abantu bakho u-Israyeli benqotshwa yisitha, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bebuya bephindela kuwe, balivume igama lakho, bakhuleke, banxuse kuwe kule ndlu,


U-Israyeli ukulahlile okuhle; isitha siyakumxosha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite