Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “UJehova uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula yezwe lakho ngesikhathi sayo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 “USimakade uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula ezweni lakho ngesikhathi esifaneleyo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho. Uyokwetsheleka izizwe eziningi, kodwa ungatsheleki lutho kuzo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJehova uyakuvula ingcebo yakhe enhle, izulu, ukuba anise imvula ezweni lakho ngesikhathi esifanele, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha wena awuyikuboleka.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:12
15 Referans Kwoze  

Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, utsheleke izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa wena.


Womnika nokumnika, inhliziyo yakho ingakhathazeki lapho umnika, ngokuba ngenxa yalokho uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa emsebenzini wakho wonke nakukho konke obeka kukho isandla sakho.


ngiyakuninika imvula yezwe lakini ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yamuva, ukuba ubuthe amabele akho, newayini lakho, namafutha akho.


ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.


Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.


nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, abangaphakathi kwamasango akho, bayakuza, badle, basuthe ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.


Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.


Uyakukutsheleka wena, awuyikumtsheleka yena; yena uyakuba yinhloko, wena ube ngumsila.


“Wake wangena ezinqolobaneni zeqhwa, wabona izinqwaba zesichotho,


Umfokazi ungamtsheleka ngenzalo, kepha umfowenu awuyikumtsheleka ngenzalo ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka isandla sakho kukho ezweni ongena kulo ukulidla.


UJehova uyakwenza imvula yezwe lakho ibe ngumsizi nothuli; kuyakwehla ezulwini, kufike phezu kwakho, uze ubhujiswe.


Kwathi emva kwezinsuku eziningi izwi likaJehova lafika ku-Eliya ngomnyaka wesithathu, lathi: “Hamba uzibonakalise ku-Ahabi; ngiyakunisa imvula emhlabeni.”


Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite