Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 27:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 “ ‘Makaqalekiswe owamukela umvuzo ukuba abulale ongenacala, achithe igazi lakhe.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 “ ‘Makaqalekiswe owemukela ukufunjathiswa ukuze abulale ongenacala, achithe igazi lakhe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Uqalekisiwe owamukela umvuzo wokubulala ongenacala. Futhi bonke abantu kumelwe bathi: Amen!

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 27:25
13 Referans Kwoze  

ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale, nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli mvuzo.


Awuyikuphendukezela isahlulelo, ungakhethi ubuso bamuntu, ungafunjathiswa isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


Lowo-ke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka;


wathi: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.


“ ‘Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.


ukuba ubudlova obenziwe kuwo amadodana angamashumi ayisikhombisa kaJerubali* bufike, negazi labo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owababulala, naphezu kwabaseShekemi abaqinisa izandla zakhe ukuba abulale abafowabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite