Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 27:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngalokho wolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngalokho uyolalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngakho kumelwe ulilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wakho wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 27:10
14 Referans Kwoze  

Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.


Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?


“Ngalokho wothanda uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imfanelo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.


Ngokuba bonke abantu bahamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.


“Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyakuba ngcwele, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele.


UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma kuwo wonke u-Israyeli, bathi: “Thula, ulalele, Israyeli: namuhla sewuyisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho.


UMose wayala abantu ngalona lolo suku, wathi:


Umqinisele namuhla uJehova ukuthi uyakuba nguNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nililalele izwi lakhe;


uJehova ukuqinisele namuhla ukuthi uyakuba yisizwe senzuzo yakhe njengokukwethembisa kwakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite