Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 26:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 sase sikhala kuJehova uNkulunkulu wawobaba, uJehova walizwa izwi lethu, wabona ukuhlupheka kwethu, nomshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Sakhala kuSimakade uNkulunkulu wokhokho bethu, uSimakade walizwa izwi lethu, wakubona ukuhlupheka kwethu, umshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kwathi lapho simbiza uJehova uNkulunkulu wawobaba, uJehova walizwa izwi lethu, wakubona ukuhlupheka kwethu, nomshikashika wethu, nokuhlupheka kwethu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 26:7
18 Referans Kwoze  

Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo.


Bheka, manje ukukhala kwabantwana bakwa-Israyeli sekufike kimi; futhi ngikubonile ukucindezela abaseGibithe ababacindezela ngakho.


“Usho kanje uJehova okwenzayo, uJehova okubumbayo ukuba akuqinise, nguJehova igama lakhe, uthi:


Bheka kimi, ube nomusa kimi njengokufanele abathanda igama lakho.


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


“Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibonile abantu bami, lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.”


Yebo, futhi ngizwile ukububula kwabantwana bakwa-Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibithe; ngiyakhumbula isivumelwano sami.


Abantu bakholwa-ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.


Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.”


UNkulunkulu wezwa izwi lomfana. Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini, yathi kuye: “Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona.


ULeya wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi: “UJehova ubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.”


UNkulunkulu wabona abantwana bakwa-Israyeli, wabanakekela.


awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite