Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 26:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 uJehova ukuqinisele namuhla ukuthi uyakuba yisizwe senzuzo yakhe njengokukwethembisa kwakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 USimakade unikezile isiqiniseko namuhla sokuthi wena uyokuba yisizwe esiyifa lakhe njengokwesithembiso sakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UJehova unimisile namuhla ukuba nibe ngabantu bakhe abakhethekile njengokunithembisa kwakhe, nigcine yonke imiyalo yakhe;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 26:18
20 Referans Kwoze  

owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


“UJehova uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengokufunga kwakhe kuwe, uma uyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe.


Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; uJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


Ngokuba uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho: uJehova uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe senzuzo yakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.


kepha manje isibonakalisiwe ngemibhalo yabaprofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa,


Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho.


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Kepha uJehova wakuthatha, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibithe, ube ngabantu befa kuye njenganamuhla.


ukuze azimisele wena namuhla ube yisizwe sakhe, yena abe nguNkulunkulu wakho, njengalokho akhuluma kuwe, nanjengalokho afunga koyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


Ngaleso sikhathi ngiyakuningenisa, ngaleso sikhathi ngiyakunibutha, ngokuba ngiyakunenza igama nendumiso phakathi kwabantu bonke bomhlaba, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwenu phambi kwamehlo enu,” usho uJehova.


Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.


Ngalokho wolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.”


“Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.


Wazimisela ukuba abantu bakho u-Israyeli babe ngabantu bakho kuze kube phakade, wena Jehova ube nguNkulunkulu wabo.


Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe, no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.


Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu, kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa-Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda,’ usho uJehova, ‘ukuba babe ngabantu bami, negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite