Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 26:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Lapho uqedile ukuthatha okweshumi kwezithelo zakho ngomnyaka wesithathu ongumnyaka wokweshumi, usumnike uLevi khona, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ukuba badle phakathi kwamasango akho, basuthe,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 “Kuyothi lapho usuqedile ukuthatha konke okweshumi kwezithelo zakho, ngonyaka wesithathu, okungunyaka wokweshumi, usumnikile, wadla, wasutha umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala nawe emzini wakho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uma usuqedile konke okweshumi kwenzuzo yakho ngomnyaka wesithathu, ongumnyaka wokweshumi, ukunike umLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, ukuba badle emasangweni akho, badle emasangweni akho kugcwaliswe;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 26:12
11 Referans Kwoze  

Ngokuba okweshumi kwabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngakho, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, ngikunikile amaLevi kube yifa lawo; ngalokho ngishilo kuwo, ngathi: ‘Phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli aniyikuba nafa.’ ”


“ ‘Nokweshumi konke kwezwe, okwembewu yezwe noma okwezithelo zemithi, kungokukaJehova; kungcwele kuJehova.


Odelela umakhelwane wakhe uyona, kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.


Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubupristi banomyalo wokuthatha okweshumi kubantu ngokomthetho, okungukuthi kubafowabo, ingani baphume okhalweni luka-Abrahama;


wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.


Futhi kungathiwa noLevi owamukela okweshumi watheliswa okweshumi ngaye u-Abrahama,


Kuyakuthi ezithelweni nimnike uFaro okwesihlanu, izinxenye ezine zibe ngezenu, kube yimbewu yamasimu, nokudla kwenu nokwabendlu yenu, nokudla kwezingane zenu.”


UJosefa washaya umthetho ngezwe laseGibithe kuze kube namuhla wokuthi uFaro uzakuba nokwesihlanu; kuphela izwe labapristi bodwa alibanga yilo elikaFaro.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite