Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 25:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Uma abazalwane behlala ndawonye omunye wabo afe engenandodana, umfazi wofileyo akayikugana umfokazi ongaphandle; kepha umfowabo wendoda yakhe uyakungena kuye, amthathe abe ngumkakhe, amngene.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 “Uma abozalo behlala ndawonye, omunye wabo efa engenandodana, umfazi wofileyo akayukugana umfokazi ongaphandle, kodwa umfowabo wendoda yakhe uyakumngena, amthathe abe ngumkakhe, aphelelise wonke amalungelo endoda kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Uma izelamani behlala ndawonye, omunye wabo ashone engenamntwana, umkamufi makangendi owezizwe; umfowabo wendoda yakhe kumelwe angene naye amthathe abe ngumkakhe futhi afeze isibopho. Womfowabo womuntu ngaye.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 25:5
11 Referans Kwoze  

bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.’


bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu enomfazi kepha engenamntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.


“Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engashiyi mntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.


Wathi uBowazi: “Msukwana ulithenga izwe esandleni sikaNawomi, ulithenga nakuRuthe wakwaMowabi umkamufi ukuba ulivuse igama lofileyo efeni lakhe.”


Yathi: “Ungubani?” Wathi: “NginguRuthe incekukazi yakho; yembesa incekukazi yakho umphetho wengubo yakho, ngokuba ungumhlengi.”


Enkulu yayisithi kwencane: “Ubaba usemdala; akukho ndoda ezweni engangena kithi njengokwenza komhlaba wonke.


Wayesethi uNawomi: “Buyani, madodakazi ami; nohambelani nami na? Ngisenamadodana ezibilinini zami ukuba abe ngabayeni benu na?


Angithi uBowazi owawunamantombazana akhe uyisihlobo sethu na? Bheka, uyela ibhali* kusihlwa esibuyeni.


Hlala lobu busuku; kuyakuthi ekuseni, uma ekuhlenga, kulungile, makakuhlenge; kepha uma engathandi ukukuhlenga, mina ngiyakukuhlenga, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite