Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 24:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Uma umuntu efunyanwa eba omunye wabafowabo babantwana bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lelo sela liyakufa, ukhiphe kanjalo ububi phakathi kwakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 “Uma umuntu ebanjwa eduna omunye wabafowabo babantu bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lowo mduni uyokufa, ngaleyo ndlela uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uma umuntu efunyanwa eba omunye wabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli, amenze ukuhweba noma athengise ngaye; khona-ke lelosela liyakufa; futhi kumelwe ususe ububi ngaphansi kwakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 24:7
11 Referans Kwoze  

“Oweba umuntu, athengise ngaye, noma efunyanwa esesesandleni sakhe, wobulawa nokubulawa.


nokinamona,* nokunephunga elimnandi, nempepho, namafutha okuqhola, nenhlaka, newayini, namafutha eminqumo, nempuphu ecolekileyo, nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezigqila, nemiphefumulo yabantu.


nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo,


“ ‘IJavani noThubali noMesheke bona babe ngabathengi bakho, benana abantu boqobo nezitsha zethusi ngempahla yakho.


niyakwenza kuye njengalokho ebecabange ukwenza kumfowabo; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


“Akuyikubakho muntu oyakuthatha itshe lokugaya noma imbokodwe kube yisibambiso, ngokuba yena uthatha konke okuphilwa ngakho kube yisibambiso.


“Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho, noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo,’ wena nawoyihlo,


Isandla sawofakazi siyakuba ngesokuqala kuye ukumbulala, ngasemuva izandla zabantu bonke. Kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


Bamukisa imbongolo yezintandane, nenkomo yomfelokazi bayayithatha ibe yisibambiso.


Intandane ihlwithwa ebeleni, nengane yompofu ithathwa ibe yisibambiso,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite