Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 24:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Nxa esephumile endlini yakhe, angahamba abe ngowomunye umuntu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Uma esephumile endlini yakhe, angahamba-ke abe ngowenye indoda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Nxa ephuma endlini yakhe, angahamba abe ngowomunye umuntu;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 24:2
10 Referans Kwoze  

Kepha uma ongakholwayo ehlukana nomkakhe, makahlukane naye; umzalwane noma umzalwanekazi kaboshiwe kokunjalo. Kepha uNkulunkulu unibizile nibe nokuthula.


Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye.


Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo uyaphinga.


Abayikuthatha umfelokazi nolahliweyo babe ngabafazi babo, kepha bathathe izintombi zozalo lwendlu yakwa-Israyeli, noma umfelokazi ongumfelokazi wompristi.


“ ‘Kepha isithembiso somfelokazi noma esolahliweyo, konke abophe ngakho umphefumulo wakhe kuyakuma kuye.


Kepha uma indodakazi yompristi ingumfelokazi noma ingolahliweyo ingenamntwana, bese yibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakudla isinkwa sikayise; kepha umfokazi makangasidli.


Umfelokazi noma umfazi olahliweyo noma owesifazane owonakelyo, isifebe, laba akayikubathatha, kepha uyakuthatha intombi yabantu bakubo ibe ngumkakhe.


“ ‘Angathathi owesifazane oyisifebe nowonakeleyo, angathathi owesifazane olahliwe yindoda yakhe, ngokuba ungcwele kuNkulunkulu wakhe.


“Lapho umuntu ethatha umfazi, aganwe nguye, engasathandeki emehlweni akhe kodwa, lokhu efumanisile kuye okuthile okwenyanyekayo, uyakumlobela incwadi yesahlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, amkhiphe endlini yakhe.


Uma indoda yesibili imala, imlobele incwadi yesahlukaniso, imnike yona esandleni sakhe, imkhiphe endlini yayo, noma le ndoda yesibili eyayimthathe abe ngumkayo ifa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite