Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 24:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Lapho umuntu ethatha umfazi, aganwe nguye, engasathandeki emehlweni akhe kodwa, lokhu efumanisile kuye okuthile okwenyanyekayo, uyakumlobela incwadi yesahlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, amkhiphe endlini yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Lapho umuntu ethatha umfazi, amgane, kodwa angabe esamthokozisa ngoba ethole kuye okuthile okwenyanyekayo, uyombhalela incwadi yesehlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, bese emkhipha endlini yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 “Nxa indoda ithatha umfazi, imthathe, bese kuthi lapho engasenamusa emehlweni ayo, ngokuba ifumene ukungcola kuye; makambhalele incwadi yesahlukaniso, amnike yona, amkhiphe endlini yakhe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 24:1
19 Referans Kwoze  

Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u-Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye,


Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuye engithengisile ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu, unyoko walahlwa.


indoda ebilala nayo iyakunika uyise wentombi amashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva, ibe ngumkayo, ngokuba iyonile; ingeyilahle zonke izinsuku zayo.


amhlawulise ngamashekeli* esiliva ayikhulu, amnike wona uyise wentombi, ngokuba uveze igama elibi phezu kwentombi yakwa-Israyeli, yona ibe ngumkakhe; angeyilahle zonke izinsuku zakhe.


“Uma umuntu ethatha umfazi, angene kuye, amale,


Uma indoda yesibili imala, imlobele incwadi yesahlukaniso, imnike yona esandleni sakhe, imkhiphe endlini yayo, noma le ndoda yesibili eyayimthathe abe ngumkayo ifa,


Uma iyithathela esinye, ayiyikunciphisa ukudla kwaso, nezingubo zaso, namalungelo omshado.


“Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliwe yindoda uyaphinga.


Kepha uJosefa indoda yakhe engumuntu olungileyo, engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese.


“Ngokuba ngiyazonda ukwahlukana,” usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, “nozisibekelayo ngobudlova njengesambatho,” usho uJehova Sebawoti. Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningakhohlisi.


“Uma umuntu enabafazi ababili, omunye ethandeka omunye aliwa, bamzalele abantwana, othandekayo nowaliwayo, bese kuthi indodana eyizibulo ingeyowaliwayo,


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umfazi womuntu eduka, aphambuke kuye,


Kepha uma owesifazane engangcolisiwe kodwa ehlambulukile, uyakukhululeka, athole inzalo.


Nxa esephumile endlini yakhe, angahamba abe ngowomunye umuntu.


“Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo, abesemuka abe ngowenye indoda, isayakubuyela kuye na? Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na? Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi ubuyela kimi,” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite