Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 23:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJehova uNkulunkulu wakho akamlalelanga nokho uBileyamu, kepha uJehova uNkulunkulu wakho waphendula isiqalekiso saba yisibusiso kuwe, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wakuthanda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Nokho uSimakade uNkulunkulu wakho akamlalelanga uBhileyamu, kodwa uSimakade uNkulunkulu wakho waphendula isiqalekiso saba yisibusiso kuwe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wakuthanda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha uJehova uNkulunkulu wakho akavumanga ukumlalela uBileyamu; kepha uJehova uNkulunkulu wakho wakuguqulela isiqalekiso saba yisibusiso, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wakuthanda.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 23:5
23 Referans Kwoze  

Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Wabuthalala, walala phansi njengengonyama, nanjengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”


Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade,


Ngokwevangeli bayizitha ngenxa yenu, kepha ngokukhethwa bangabathandiweyo ngenxa yawokhokho,


Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori, nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali, nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”


UJehova wabonakala kimi ekude, wathi: “Ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa.


“ ‘Lapho ngidlula kuwe, ngikubona, bheka, kwakuyisikhathi sakho, isikhathi sokuthanda; ngeneka ingubo yami phezu kwakho, ngembathisa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngangena esivumelwaneni nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.


Njengomzwilili ekuhambeni kwawo nanjengenkonjane ekundizeni kwayo, kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.


Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli, kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.


Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; bahlala ngasezinyaweni zakho, bamukele okwamazwi akho.


njengalokho kulotshiwe ukuthi: “UJakobe ngamthanda, kepha u-Esawu ngamzonda.”


Yayisithi ingelosi kaJehova kuBileyamu: “Hamba nalawa madoda, kepha lelo zwi kuphela engiyakulikhuluma kuwe uyakulikhuluma.” UBileyamu wayesehamba nezikhulu zikaBalaki.


“Nginithandile,” usho uJehova. “Nokho nithi: ‘Usithande kanjani na?’ “U-Esawu akasiye umfowabo kaJakobe na?” usho uJehova. “Ngamthanda uJakobe,


Lokhu ebethanda oyihlo wakhetha inzalo yabo emva kwabo, wakukhipha yena uqobo ngamandla akhe amakhulu eGibithe


kepha angithandanga ukumlalela uBileyamu, kodwa kakhulu wanibusisa, nganophula esandleni sakhe.


Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.”


ngokuba abahlangabezanga abakwa-Israyeli ngesinkwa namanzi, kepha babaqashela uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.


Wathuma izithunywa kuBileyamu indodana kaBeyori ePethori elingasemfuleni ezweni labantwana babantu bakhe ukumbiza ngokuthi: “Bheka, nampa abantu abaphumile eGibithe; bheka, basibekela ubuso bomhlaba; sebehlala malungana nami;


njengalokho bangenzela abantwana bakwa-Esawu ababehlala eSeyiri nabakwaMowabi ababehlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite