Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 23:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe, nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni lapho niphuma eGibhithe, nokuthi baqasha uBhileyamu, indodana kaBheyori wasePhethori e-Aramu Naharayimi, ukuba amelane nawe, akuqalekise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe; nangokuba bakuqashela uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori eMesopotamiya ukuba akuqalekise.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 23:4
19 Referans Kwoze  

ngokuba abahlangabezanga abakwa-Israyeli ngesinkwa namanzi, kepha babaqashela uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.


beshiya indlela eqondileyo beduka, belandela indlela kaBalami kaBeyori owathanda umvuzo wokungalungi,


“Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ongithumile ukulanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaziniphanga ngokuba othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe uthi:


ngokuba kwathi lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, u-Obadiya wathatha abaprofethi abayikhulu, wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi.


Ngithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nengikuhlabele abagundi bami, ngikuphe abantu engingabazi ukuthi bavelaphi, na?”


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “E-Aramu uBalaki ungilandile, inkosi yakwaMowabi ezintabeni zasempumalanga: woza ungiqalekisele uJakobe; woza umdlelesele u-Israyeli.


ngokuba ngiyakukunika udumo olukhulu, nakho konke ongitshela khona ngiyakukwenza; ake uze ngalokho manje, ungiqalekisele laba bantu.’ ”


Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.”


Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.


Maye kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKayini, bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora!


Kwase kuvuka uBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, walwa no-Israyeli; wathuma wabiza uBileyamu indodana kaBeyori ukuba aniqalekise,


Ngabantwana bakwa-Amoni. Usho kanje uJehova, uthi: “U-Israyeli kanamadodana, kanandlalifa, na? UMilkomu udleleni ifa likaGadi, abantu bakhe bahlale emizini yakhe, na?


Kwathi sekuphelile lokho, izikhulu zasondela kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bezizwe nezinengiso zabo, ezamaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseGibithe, nama-Amori.


Isitha selulile isandla saso phezu kwakho konke okumnandi kwalo, ngokuba sibonile ukuthi abezizwe bangene endlini yalo engcwele, owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akuyikungena endlini yami engcwele owezizwe ongasokile ngenhliziyo nongasokile ngenyama kubo bonke abezizwe abaphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite