Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 23:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Lapho ungena esivinini somakhelwane wakho, ungadla izithelo zomvini, usuthe ngokuthanda kwakho, kepha ungafaki lutho esitsheni sakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 “Uma ungena esivinini sikamakhelwane wakho, uyakudla izithelo zomvini ngokuthanda kwakho, uzanelise, kepha ungazifaki esitsheni sakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Lapho ungena esivinini somakhelwane wakho, ungadla izithelo zomvini ngokuthanda kwakho; kodwa akumelwe uthele lutho emgqonyeni wakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 23:24
10 Referans Kwoze  

ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.


hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.


Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”


Lokho okuphume emlonyeni wakho uyakukugcina, ukwenze, njengokwethembisa kwakho uJehova uNkulunkulu wakho isithembiso sesihle owasethembisa ngomlomo wakho.


“Lapho ungena ezinhlangeni zamabele omakhelwane wakho, ungazikha izikhwebu ngesandla sakho, kepha ungabeki isikela ezinhlangeni zamabele omakhelwane wakho.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu enza isithembiso esithile, lapho uyakulinganisa abantu kuJehova,


Abantwana bakwa-Israyeli ababachithanga, ngokuba izikhulu zenhlangano zazifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Yonke inhlangano yakhonona ngezikhulu.


Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;


Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami


Kulugibe ukusho ngamawala ukuthi: “Kungcwele,” abesebuya acabange emva kwezithembiso zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite