Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 23:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Lokho okuphume emlonyeni wakho uyakukugcina, ukwenze, njengokwethembisa kwakho uJehova uNkulunkulu wakho isithembiso sesihle owasethembisa ngomlomo wakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Amazwi omlomo wakho uyakuwagcina, uyoqikelela ukuba wenze njengalokhu wethembisile kuSimakade uNkulunkulu wakho, isithembiso osenze ukhululekile futhi ungaphoqiwe, wasiphumisela ngomlomo wakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Okuphumile emlonyeni wakho, kugcine, ukwenze; yebo, umnikelo wesihle, njengalokho ufunge isithembiso sakho kuJehova uNkulunkulu wakho, owasethembisa ngomlomo wakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 23:23
20 Referans Kwoze  

Kulugibe ukusho ngamawala ukuthi: “Kungcwele,” abesebuya acabange emva kwezithembiso zakhe.


Ngakho-ke wena ungabavumeli, ngokuba kubona amqamekele amadoda angaphezu kwamashumi amane azilokotheleyo ukuba angadli, angaphuzi, engakambulali; manje-ke sebelungele bebheke isithembiso sakho.”


Kwathi sekusile, abaJuda benza iqeqeba, bazilokothela bethi abayikudla, bangaphuzi, bengakambulali uPawulu.


Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke,


Abantu bakwa-Israyeli babecindezelwa ngalolo suku, kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akwabakho muntu owezwa ukudla.


Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.”


‘Nxa umuntu enza isithembiso kuJehova, noma efunga isifungo ukubopha umphefumulo wakhe ngesibopho esithile, akayikwaphula izwi lakhe; uyakwenza njengakho konke okuphuma emlonyeni wakhe.


Kwathi lapho eyibona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Hawu, mntanami, ungithobisile kakhulu, ungomunye wabangihluphayo, ngokuba ngivulile umlomo kuJehova, angisenakubuya.”


“Nizwile futhi kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.’


Kepha uma uyeka ukwethembisa, akuyikuba yisono kuwe.


“Lapho ungena esivinini somakhelwane wakho, ungadla izithelo zomvini, usuthe ngokuthanda kwakho, kepha ungafaki lutho esitsheni sakho.


Kepha siyakwenza nokwenza onke amazwi aphumile emilonyeni yethu, sishisele inkosikazi yezulu impepho, siyithululele iminikelo yokuphuzwa, njengalokho senzile, thina nawobaba, namakhosi ethu, nezikhulu zethu emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, ngokuba sasisuthi isinkwa, sahlala kahle, asabona okubi.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu enza isithembiso esithile, lapho uyakulinganisa abantu kuJehova,


Abantwana bakwa-Israyeli ababachithanga, ngokuba izikhulu zenhlangano zazifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Yonke inhlangano yakhonona ngezikhulu.


Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite