Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 23:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Umfokazi ungamtsheleka ngenzalo, kepha umfowenu awuyikumtsheleka ngenzalo ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka isandla sakho kukho ezweni ongena kulo ukulidla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Umfokazi ungamtsheleka bese ufuna inzalo, kodwa umfowenu awuyukumtsheleka bese ufuna inzalo ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka kukho isandla sakho ezweni ongena kulo, ukulidla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ungaziboleka umfokazi ngenzalo; kepha ungatsheleki umfowenu ngenzalo, ukuze uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka kukho isandla sakho kukho ezweni oya kulo ukulidla.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 23:20
16 Referans Kwoze  

Womnika nokumnika, inhliziyo yakho ingakhathazeki lapho umnika, ngokuba ngenxa yalokho uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa emsebenzini wakho wonke nakukho konke obeka kukho isandla sakho.


Kowezizwe ungakubiza, kepha noma yikuphi okwakho okukumfowenu, lokho isandla sakho siyakukuyekela.


“Aniyikudla lutho lwengcuba; ungamnika umfokazi ophakathi kwamasango akho ukuba akudle, noma uthengise ngakho kowezizwe, ngokuba wena uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele; uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.”


Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe;


Onomusa kompofu utsheleka uJehova, nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.


“UJehova uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula yezwe lakho ngesikhathi sayo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo.


“Uma utsheleka ompofu wabantu bami okuwe imali, awuyikumphatha njengabatshelekisi; ningabizi nzalo kuye.


Ungathathi kuye inzalo engafanele nenzuzo, kepha wesabe uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe.


Inhliziyo yami isicabangile, ngathethisana nabakhulu nababusi, ngathi kubo: “Nina nonke nibiza inzalo omunye komunye.” Ngase ngibiza ibandla elikhulu ngabo.


ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale, nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.


Kuyakuthi njengakubantu kube njalo kumpristi, nanjengasencekwini kube njalo enkosini yayo, nanjengasencekukazini kube njalo enkosikazini yayo, nanjengakumthengi kube njalo kumthengisi, nanjengakotshelekayo kube njalo kobolekayo, nanjengakobiza inzalo kube njalo kokhokha inzalo.


enganiki ngenzalo, engamukeli inzuzo, ebuyisa isandla sakhe ebubini, enza ukwahlulela okuqinisileyo phakathi komuntu nomuntu;


ulaka lwami luyakuvutha, ngikubulale ngenkemba; omkenu babe ngabafelokazi, abantwana benu babe yizintandane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite