Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 21:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 isidumbu sakhe asiyikuhlala bonke ubusuku emthini, kepha wommbela nokummbela ngalona lolo suku, ngokuba ophanyekiweyo uqalekisiwe nguNkulunkulu, ukuba ungalingcolisi izwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Isidumbu sakhe asiyukuhlala ubusuku bonke emthini, kodwa uyomngcwaba impela ngalolo lusuku, ukuze isiqalekiso sikaNkulunkulu sibe phezu kophanyekiweyo, ungalingcolisi izwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Isidumbu sakhe akumelwe sihlale esihlahleni ubusuku bonke, kodwa kumelwe umngcwabe ngalolo suku; (ngokuba olengiswayo uqalekisiwe nguNkulunkulu;) ukuze lingangcoliswa izwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 21:23
18 Referans Kwoze  

UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”


Khona abaJuda, ngokuba kwakungolokulungisela, ukuze izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwalulukhulu, banxusa uPilatu ukuba yaphulwe imilenze yabo, basuswe.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Izwe lingcolile; ngalokho ngahambela ububi balo kulo, izwe lahlanza abantu balo.


Ngokuba ngingafisa ukuba mina uqobo ngibe ngoqalekisiweyo kuKristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokwenyama;


UJehova wathi kuMose: “Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye ku-Israyeli.”


Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini, basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi, wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla.


Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi!


Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abanakuma phambi kwezitha zabo, bayafulathela izitha zabo, ngokuba sebeqalekisiwe; angisayikuba nani, uma ningachithi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.


masinikwe abantu abayisikhombisa bamadodana akhe, sibaphanyeke kuJehova eGibeya likaSawule, okhethiweyo kaJehova.” Inkosi yathi: “Ngiyakuninika bona.”


awuyikungenisa isinengiso endlini yakho, ube yinto eqalekisiweyo njengaso; uyakusenyanya nokusenyanya, unengwe nokunengwa yiso, ngokuba kuyinto eqalekisiweyo.


URispa indodakazi ka-Aya wathatha indwangu yamasaka, wazendlalela yona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kuze kuthelwe phezu kwabo amanzi asezulwini; akavumelanga izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini, nezilwane zasendle ebusuku.


“ ‘Indlu yakwa-Israyeli iyakubembela izinyanga eziyisikhombisa, ukuze ihlambulule izwe.


“Futhi uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyikuwela iJordani nokuthi angiyikungena kulelo zwe elihle uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho,


Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho nxazonke ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, wesule inkumbulo ka-Amaleki phansi kwezulu; awuyikukhohlwa lokho.


Kwafika isithunywa, samtshela ukuthi: “Balethile amakhanda amadodana enkosi.” Wathi: “Wabekeni abe yizinqwaba ezimbili ngasesikhaleni sesango kuze kube sekuseni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite