Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 21:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Uma umuntu enendodana enenkani nengezwayo, engalaleli izwi likayise noma izwi likanina, engalaleli noma beyilaya,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 “Uma umuntu enendodana enenkani, ehluphayo, engalilaleli izwi likayise noma elikanina, engalaleli noma beyiyala,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 “Uma umuntu enendodana enenkani nehlubukayo engalaleli izwi likayise noma izwi likanina, noma eyilaya, engayikulalela;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 21:18
31 Referans Kwoze  

“ ‘Yilowo nalowo makahloniphe unina noyise, nigcine amasabatha ami; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


“Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Ningabe nisashaywa kuphi, nisaqhubeka ukwambuka, na? Lonke ikhanda liyagula, nayo yonke inhliziyo ibuthakathaka.


Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi: “Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.


“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyakukhishwa ngamagwababa angasemfuleni, lidliwe ngamazinyane okhozi.


Yilaye indodana yakho, iyakukuphumuza, yebo, iyakuthokozisa umphefumulo wakho.


Oqalekisa uyise nonina, isibani sakhe siyakucimeka esigayegayeni.


Yilaye indodana yakho, lisekhona ithemba; ungabhekisi inhliziyo yakho ukuyibulala.


“ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.


Bathukile kuwe uyise nonina, bacindezela abezizwe phakathi kwakho, bona phakathi kwakho izintandane nabafelokazi.


“Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezidabukela, ethi: ‘Ungishayile, ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka; ngibuyise ukuba ngibuye, ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.


Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.


“Kukhona isizukulwane esithuka uyise, esingabusisi unina.


Ophanga uyise nonina, ethi: “Akusiso isiphambeko,” yena ungumngane wochithayo.


Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana, kepha induku yokulaya iyabudedisela kude naye.


Isiwula siyadelela ukulaya kukayise, kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.


Oyeka uswazi uyazonda indodana yakhe, kepha oyithandayo uyayilaya ngesineke.


Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko,


Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; uma yenza okubi, ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu,


“ ‘Makaqalekiswe odelela uyise noma unina.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.


“ ‘Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba, iyamhlambalaza noyise; yoshiswa ngomlilo.


“Othuka uyise nonina wobulawa nokubulawa.


“Oshaya uyise nonina wobulawa nokubulawa.


uyise nonina bayakuyibamba, bayiyise kumalunga omuzi wakubo nasesangweni lendawo yakubo,


Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube phakade ngobubi abaziyo, lokhu amadodana akhe ayezehlisela isiqalekiso, engawakhuzanga.


Kepha laba bantu banenhliziyo eyambukileyo nehlubukileyo; bambuka, bahamba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite