Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 20:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Izinduna ziyakukhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo onenhliziyo edangeleyo na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zincibilike njengenhliziyo yakhe.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Izikhulu ziyokhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo, ozizwa entekenteke enhliziyweni, na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zibe ntekenteke njengenhliziyo yakhe.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Izinceku kumelwe ziqhubeke zikhuluma kubantu zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo nodangele? makahambe abuyele endlini yakhe, funa inhliziyo yabafowabo iphele njengenhliziyo yakhe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 20:8
14 Referans Kwoze  

Ngalokho memeza ezindlebeni zabantu, uthi: ‘Owesabayo ethuthumela makabuye, amuke entabeni yakwaGileyadi!’ ” Kwabuya abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili, kwasala abayizinkulungwane eziyishumi.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi: “Abantu bakhulu, bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.” ’


Ngakho-ke njengalokhu usivivi, ungashisi ungabandi, ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami.


Kodwa uJesu wathi kuye: “Akakho othi esebeke isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.”


“Lapho usekamu* ukuba ulwe nezitha zakho, wozigcina kukho konke okubi.


Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase-Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona.


Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka, sihlasele labo bantu, ngokuba banamandla kunathi.”


Khona aphaphatheka amakhosi akwa-Edomi; izikhulu zakwaMowabi zabanjwa yitwetwe; bonke abakhe eKhanani baphelile amandla.


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


Kuyakuthi lapho izinduna seziqedile ukukhuluma, zikhethe izinduna zamabandla eziyakubahola abantu.


Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite