Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 20:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kuyakuthi uma ukuphendula ngezwi lokuthula, uzivulele kuwe, abantu bonke abafunyaniswa phakathi kwawo baba yizinceku zempoqo, bakukhonze.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Kuthi uma impendulo kungeyezwi lokuthula, ukwemukela, abantu bonke abayotholakala kuwo bayoba yizisebenzi zakho ngempoqo, bakukhonze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Uma kukuphendule ngokuthula, kukuvulekele, zonke izizwe ezifunyanwa kuwo ziyakuba ngabathelisi bakho, zikukhonze.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 20:11
16 Referans Kwoze  

“Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


Ngingowokuthula; kepha uma ngikhuluma, bangabalwayo.


Kwathi u-Israyeli esenamandla, bawasebenzisa amaKhanani, kepha abawaxoshanga nokuwaxosha.


Kodwa abawaxoshanga amaKhanani ahlala eGezeri, kepha amaKhanani ahlala phakathi kuka-Efrayimi kuze kube namuhla, aba yizinceku zokusebenza.


UJoshuwa wabenza ngalolo suku abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo inhlangano nakulo i-altare likaJehova kuze kube namuhla endaweni abeyakuyikhetha.


“Nxa usondela emzini ukulwa nawo, mawumemezele ukuthula kuwo.


Uma ungenzi ukuthula kuwe kepha ukuhlasela, uyakuwuvimbezela,


Bathi kuJoshuwa: “Siyizinceku zakho.” UJoshuwa wathi kubo: “Ningobani, futhi nivelaphi na?”


Kepha wathi: “Awuyikubabulala; ungababulala yini labo obathumbile ngenkemba yakho nangomnsalo wakho na? Beka isinkwa namanzi phambi kwabo ukuba badle, baphuze, baye enkosini yabo.”


Bathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba siluzwile udumo lwakhe, nakho konke akwenzayo eGibithe,


UHiramu inkosi yaseTire wathuma izinceku zakhe kuSolomoni, ngokuba wayezwile ukuthi ugcotshiwe abe yinkosi esikhundleni sikayise, ngokuba uHiramu wayengumngane kaDavide njalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite