Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 2:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 laba bathiwa namaRefa njengama-Anaki, kepha abakwaMowabi bababiza ngokuthi ama-Emi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Nabo njengama-Anaki, kwakuthiwa ngamaRefa, kodwa abakwaMowabi babebabiza ngama-Emi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 nabo babebalwa njengamaRefa njengama-Anaki; kepha abakwaMowabi bababiza ngokuthi ama-Emi.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 2:11
10 Referans Kwoze  

abantu abakhulu nabade, amadodana ama-Anaki owaziyo, ozwile ngawo ukuthi: ‘Ngubani ongema phambi kwamadodana ka-Anaki na?’


Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi: “Abantu bakhulu, bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.” ’


Sabona khona iziqhwaga, amadodana ka-Anaki ayela eziqhwageni; emehlweni ethu saba njengezintethe, saba njalo nasemehlweni abo.”


Nokho abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona.


Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.


Ngomnyaka weshumi nane kweza uKedorlawomere kanye namakhosi anaye, banqoba amaRefa e-Ashiteroti Karinayimi, namaZuzi eHamu, nama-Emi eShave Kiriyatayimi,


Nalelo lithiwa izwe lamaRefa; amaRefa ahlala khona kuqala; kepha abakwa-Amoni bawabiza ngokuthi amaZamuzumi,


Ngokuba u-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, wasala ensalini yamaRefa; bheka, ibhokisi lakhe laliyibhokisi lensimbi; angithi liseRaba kubantwana bakwa-Amoni; ubude balo babuyizingalo eziyisishiyagalolunye, nobubanzi balo buyizingalo ezine, ngokwengalo yomuntu.


Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.


U-Ishibi Benobi wabantwana bamaRefa osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli* angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wathi uyakumbulala uDavide.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite