Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 funa umphindiseli wegazi amxoshe umbulali isashisa inhliziyo yakhe, amfice, ngokuba indlela inde, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebekade engamzondi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Kungenzeka umphindiseli wegazi amlandele umbulali esagcwele intukuthelo enhliziyweni yakhe, amfice, ngoba umuzi ukude, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebengazange amzonde phambilini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ukuze umphindiseli wegazi angaxoshi umbulali inhliziyo yakhe isavutha, amthole, ngokuba yinde indlela, ambulale; kanti ubengafanele ukufa, ngokuba wayengamzondanga ngaphambili.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:6
7 Referans Kwoze  

Iyakuba yimizi yenu yokuphepha kumphindiseli, ukuze umbulali angafi engakemi phambi kwenhlangano, ahlulelwe.


Bheka, umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho; bathi: ‘Sinike yena owashaya umfowabo ukuba simbulale ngenxa yomphefumulo womfowabo, sichithe indlalifa.’ Bayakucima kanjalo ilahle lami eliseleyo, bangabe besashiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.”


Uma umphindiseli wegazi emxosha, awayikumnikela umbulali esandleni sakhe, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe kungengamabomu ebekade engamzondi.


“Uma umuntu enzile isono esifanele ukufa, abulawe, umphanyeke emthini,


njengomuntu oya ehlathini nomakhelwane wakhe ukugawula imithi, isandla sakhe bese sigalela ngezembe ukunquma umuthi, insimbi iphunyuke emphinini, imshaye umakhelwane wakhe aze afe, lowo uyakubalekela komunye wale mizi aze aphile,


Ngalokho ngiyakuyala ngokuthi: ‘Uyakuzahlukanisela imizi emithathu.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite