Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 amadoda omabili axabeneyo ayakuma phambi kukaJehova, phambi kwabapristi nabahluleli abayakuba khona ngaleso sikhathi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 bobabili labo bantu abaxabeneyo bayokuma phambi kukaSimakade, naphambi kwabaphristi nabehluleli abayobe bekhona ngaleso sikhathi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Khona-ke amadoda amabili aphikisanayo ayakuma phambi kukaJehova, phambi kwabapristi nabahluleli abayoba khona ngalezo zinsuku;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:17
9 Referans Kwoze  

uye kubapristi bamaLevi, nakumahluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku, ukuze bakutshele isinqumo sokwahlulela,


abapristi, amadodana kaLevi, bayakusondela, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaJehova; ngezwi labo konke ukuxabana nokushaya kuyakunqunywa;


“Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


Uma isela lingafunyanwa, umninindlu uyakusondela kuNkulunkulu, kubonwe ukuba akafakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe.


“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, baye ukwahlulelwa, kuthethwe icala labo, bayakuyekela olungileyo, balahle onecala,


“ ‘Ekuphikisaneni bayakuma ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zami, bagcine imithetho yami nezimiso zami emikhosini yonke yami, balingcwelise isabatha lami.


khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu, isimise emnyango noma ensikeni yomnyango, inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo, size simkhonze kuze kube phakade.


“Uyakuzikhethela abahluleli nezinduna emasangweni akho onke uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona njengezizwe zakho; bayakwahlulela abantu babo ngokwahlulela okulungileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite