Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Ufakazi oyedwa nje akayikumvukela umuntu ngobubi, noma ngesono, noma kuyisiphi isono ona ngaso; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 “Ubufakazi obuyokwethulwa ngumuntu oyedwa abunakumcindezela umuntu ngobubi, ngesono, noma nangasiphi isono one ngaso. Kodwa ngubufakazi bofakazi ababili noma abathathu obuyoyenza indaba ime iqine.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ufakazi oyedwa akayikuma ngomuntu ngobubi noma ngesono kunoma yisiphi isono one ngaso; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:15
12 Referans Kwoze  

“ ‘Noma ubani obulala umuntu, umbulali uyakubulawa ngemilomo yawofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakazela muntu aze afe.


Lokhu kungokwesithathu ngiza kini. “Ngemilomo yawofakazi ababili nabathathu izindaba zonke ziyakuqiniswa.”


Ngomlomo wawofakazi ababili noma ngowawofakazi abathathu uyakubulawa lowo ofanele ukufa; ngomlomo wofakazi munye akayikubulawa.


Odelele umthetho kaMose uyakufa engahawukelwa ngezwi lawofakazi ababili noma bebathathu;


Kodwa uma engakuzwa, thatha futhi abe munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu.


Icala eliqondene nelunga ungalemukeli, kungekho ofakazi ababili noma abathathu.


Yebo, kulotshiwe nasemthethweni wakini ukuthi ubufakazi babantu ababili bungobuqinisileyo.


Lawo madoda amabili, abantu ababi, angena, ahlala phambi kwakhe; bafakaza labo bantu ababi ngaye, bathi: “Yena uNaboti uthukile uNkulunkulu nenkosi.” Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.


nibeke amadoda amabili, abantu ababi, phambi kwakhe, afakaze ngaye ngokuthi: ‘Uthukile uNkulunkulu nenkosi, bese nimkhiphela ngaphandle, nimkhande ngamatshe, afe.’ ”


“Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ungakamuzwa kuqala, uze wazi akwenzayo, na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite