Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Awuyikususa umncele womakhelwane wakho ababewubeka abadala efeni lakho oyakulidla ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika ukuba ulidle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 “Awuyukuwugudlula umngcele kamakhelwane wakho owamiswa ngokhokho, ukuba ube yindawo yefa lakho oyakulidla ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ungawususi umkhawulo womakhelwane wakho abawubekile efeni lakho kusukela ezikhathini zasendulo oyakulidla ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:14
9 Referans Kwoze  

Ungasusi isikhonkwane esidala oyihlo abasimisileyo.


“ ‘Makaqalekiswe osusa isikhonkwane somakhelwane wakhe.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele; ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi.


Ungasusi isikhonkwane esidala, ungangeni emasimini ezintandane,


Imincele iyasuswa; bahlwitha imihlambi, bayiklabise.


Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula, kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi.


Kepha uma ebengamqamekeli, uNkulunkulu emnikela nje esandleni sakhe, ngiyakukumisela indawo ayakubalekela kuyo.


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.


Khona uMose wahlukanisa imizi emithathu ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite