Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 ukuba igazi elingenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho, bese kuba yigazi phezu kwakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 ukuze igazi lomuntu ongenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho, ngaphandle kwalokho, uyothwala icala legazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ukuze kungachithwa igazi elingenacala ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho, kube phezu kwakho igazi.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:10
16 Referans Kwoze  

Izinyawo zabo zigijimela ebubini, bashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yobubi; incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.


amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala,


Ayesekhala kuJehova, athi: “Siyakuncenga: masingabhubhi ngenxa yalo muntu, ungabeki phezu kwethu igazi elingenacala, ngokuba wena Jehova wenzile njengokuhlosa kwakho.”


IGibithe liyakuba yincithakalo, u-Edomi abe yihlane lencithakalo ngenxa yendluzula eyenziwe kubantwana bakwaJuda, ngokuba bachithile igazi elingenacala ezweni labo.


nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela.


Futhi uManase wachitha kakhulu igazi elingenacala, waze wagcwalisa iJerusalema kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.


Inkosi yathi kuye: “Yenza njengokusho kwakhe, umsukele, ummbele, ukuba ususe kimi nakuyo indlu kababa igazi elachithwa ngeze nguJowabe.


Iso lakho aliyikumhawukela, kepha wolikhipha igazi elingenacala kwa-Israyeli ukuba kube kuhle kuwe.


“ ‘Aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; alikho ihlawulo lezwe ngegazi elichithakele kulo, kuphela ngegazi lolichithile.


Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo; igazi elingenacala bayalilahla.


wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wabulala umFilisti, uJehova wamenzela wonke u-Israyeli insindiso enkulu, wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?”


“Futhi uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyikuwela iJordani nokuthi angiyikungena kulelo zwe elihle uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho,


“Kuyakuthi lapho usufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, wakhe kulo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite