Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 18:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Uma umLevi evela noma kuliphi isango kwa-Israyeli wonke, lapho egogobele khona, afike ngaso sonke isifiso somphefumulo wakhe endaweni uJehova ayakuyikhetha,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 “Uma umLevi eshiya noma yimuphi wemizi yenu yonke yakwa-Israyeli, lapho kade ehlala khona, aye endaweni ayakuyikhetha uSimakade,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 “ ‘Uma umLevi ephuma kwelinye lamasango akho, evela ku-Israyeli wonke, lapho egogobele khona njengowezizwe, eze nazo zonke izifiso zenhliziyo yakhe endaweni uJehova ayakuyikhetha;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 18:6
14 Referans Kwoze  

Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo,


Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo,


Likholekile leli zwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle.


Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.


Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.


Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.


Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.


Uyakunikela ngephasika kuJehova uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uJehova ayakuyikhetha ukuba kuhlale igama lakhe kuyo.


kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;


uyakukhonza egameni likaJehova uNkulunkulu wakhe njengokwenza kwabo bonke abafowabo amaLevi emiyo khona phambi kukaJehova.


Niyakulinganisa ngaphandle komuzi izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasempumalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngaseningizimu, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasentshonalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasenyakatho, umuzi ube phakathi. Lokho kuyakuba ngamadlelo emizi yawo.


kepha kuleyo ndawo uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho, uyakunikela lapho ngeminikelo yakho yokushiswa, wenze khona konke engikuyala ngakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite