Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 18:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese ingenzeki leyo nto, ingaveli iyiyo leyo nto, akusiye uJehova oyikhulumile; umprofethi uyikhulumile ngokuziqhenya; ungamesabi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 “Uma umphrofethi ekhuluma egameni likaSimakade, leyo nto ingenzeki, nezwi alikhulumile lingafezeki, lelo lizwi kalikhulunywanga nguSimakade, kodwa ngumphrofethi ozikhulumele nje lokho, ezigabisa; ungamesabi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Lapho umprofethi ekhuluma egameni likaJehova, le nto ingalandeli futhi ingenzeki, yizwi uJehova angalikhulumanga, kodwa umprofethi walikhuluma ngokugabadela; ungamesabi.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 18:22
13 Referans Kwoze  

Kepha umprofethi oyakukhuluma izwi ngokuziqhenya egameni lami engingamyalanga ukulikhuluma, noma ekhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi uyakufa.’


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.”


Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi;


“Mabazisondeze, basitshele okuyakwenzeka; izinto zakuqala ziyini na? Mabasitshele zona ukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu, sazi ukuphela kwazo, noma nisizwise okuzayo.


Njengomzwilili ekuhambeni kwawo nanjengenkonjane ekundizeni kwayo, kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.


UJona waqala ukungena emzini, uhambo losuku lwaba lunye, wamemeza wathi: “Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.”


“Uma uthi enhliziyweni yakho: ‘Singalazi kanjani izwi uJehova angalikhulumanga na?’


Wayesethi uMikhaya: “Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube engakhulumanga ngami uJehova.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”


USamuweli wakhula; uJehova wayenaye; akawisanga phansi nelilodwa lamazwi akhe.


Thula, nyama yonke, phambi kukaJehova, ngokuba uvukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite