Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 18:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kepha umprofethi oyakukhuluma izwi ngokuziqhenya egameni lami engingamyalanga ukulikhuluma, noma ekhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi uyakufa.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Kepha umphrofethi oyozitshela ukuthi ukhuluma izwi eGameni lami, ngibe ngingamyalanga ukuba akhulume, noma okhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mphrofethi uyakufa.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kodwa umprofethi ozidlayo ukuba akhulume izwi egameni lami engingamyalanga ukuba alikhulume, noma oyakukhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi naye uyakufa.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 18:20
24 Referans Kwoze  

‘Ngokuba angibathumanga,’ usho uJehova; ‘baprofetha amanga ngegama lami ukuze nginixoshe, niphele, nina nabaprofethi abaprofetha kini.’ ”


“Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.


Kuyakuthi uma kusaprofetha umuntu, uyise nonina abamzalayo basho kuye ukuthi: ‘Awuyikuphila, ngokuba ukhuluma amanga egameni likaJehova,’ uyise nonina abamzalayo bamgwaze esaprofetha.


Babonile okuyize nokubhula kwamanga abathi: “Kusho uJehova,” kepha uJehova kabathumanga, kodwa bethemba ukuthi ubeyakuqinisa izwi labo.


Bheka, ngimelene nabaprofethi,” usho uJehova, “abasebenzisa izilimi zabo, bathi: ‘Uthi yena.’


Abapristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaprofethi baprofetha ngoBali, balandela okungenakusiza.


Kwathi ngasemini u-Eliya wadlala ngabo, wathi: “Memezani ngezwi elikhulu; noma engunkulunkulu, mhlawumbe uyazindla, noma echezukile nje, noma esohambeni, noma elele edinga ukuvuswa.”


Kepha laba behlambalaza, benjengezidalwa ezingenangqondo, ngemvelo zizalelwe ukubanjwa nokubhujiswa, nabo bazakubhujiswa ekubhujisweni kwazo, behlambalaza abangakwaziyo,


U-Eliya wathi kubo: “Bambani abaprofethi bakaBali, kungabaleki noyedwa kubo.” Bababamba, u-Eliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni, wababulala khona.


Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.


Ngalokho thumela ubuthe kimi u-Israyeli wonke entabeni yaseKarmeli, nabaprofethi bakaBali abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu, nabaprofethi baka-Ashera* abangamakhulu amane abadla etafuleni lika-Izebeli.”


Umuntu oziqhenya ngokungalaleli umpristi omiyo ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu makafe, wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.


“Uma uthi enhliziyweni yakho: ‘Singalazi kanjani izwi uJehova angalikhulumanga na?’


yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese ingenzeki leyo nto, ingaveli iyiyo leyo nto, akusiye uJehova oyikhulumile; umprofethi uyikhulumile ngokuziqhenya; ungamesabi.


“Ngalokho bheka, ngimelene nabaprofethi,” usho uJehova, “abeba amazwi ami, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe.


Base bethi abapristi nabaprofethi ezikhulwini nakubo bonke abantu, bathi: “Lo muntu ufanele ukufa, ngokuba uprofethile ngalo muzi, njengalokho nizwile ngezindlebe zenu.”


“Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho, noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo,’ wena nawoyihlo,


Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu.


Wayesebuya-ke naye, wadla endlini yakhe, waphuza amanzi.


“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume amagama ezithombe ezweni, zingabe zisakhunjulwa, ngidlulise abaprofethi nawomoya abangcolileyo ezweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite